Kumaheberu 9:3-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. ngasemva kwesihenqo sesibili kwakukhona itabernakele* elithiwa elingcwelengcwele,

4. eline-altare legolide lokuthunqisa nomphongolo wesivumelwano umboziwe ngegolide nxazonke, okwakukhona kuwo isitsha segolide esiphethe imana*, nenduku ka-Aroni eyahlumayo, nezibhebhe zesivumelwano;

5. phezu kwawo kwakukhona amakherubi* enkazimulo engamele isihlalo somusa, okungenakukhulunywa ngakho ngakunye manje.

6. Kepha lezo zinto zilungisiwe ngokunjalo, abapristi bangena njalo etabernakele* lokuqala befeza izinkonzo,

7. kodwa kwelesibili kungena umpristi omkhulu yedwa kanye ngomnyaka, kungengaphandle kwegazi anikela ngalo ngenxa yakhe uqobo nangenxa yezono zabantu,

Kumaheberu 9