Kumaheberu 9:19-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. Ngokuba isikhulunyiwe imiyalelo yonke ngokomthetho nguMose kubantu bonke, wayesethatha igazi lamathole nelezimbuzi kanye namanzi noboya obubomvu nehisopi*, wafafaza incwadi nabantu bonke,

20. ethi: “Lokhu kuyigazi lesivumelwano aniyale ngaso uNkulunkulu.”

21. Netabernakele* futhi, nezitsha zonke zenkonzo wakufafaza kanjalo ngegazi.

22. Yebo, cishe zonke izinto zihlanjululwa ngegazi ngokomthetho; ngaphandle kokuchitha igazi akukho ukuthethelelwa.

23. Njalo-ke kwakudingekile ukuba imifanekiso yokusezulwini ihlanzwe ngalokho, kepha okusezulwini uqobo lwakho kuhlanzwe ngeminikelo emihle kunalena.

24. Ngokuba uKristu kangenanga endaweni engcwele eyenziwe ngezandla, engumfanekiso waleyo okuyiyo ngempela, kepha wangena ezulwini uqobo ukuba manje abonakale ebusweni bukaNkulunkulu ngenxa yethu,

25. kungesikho futhi ukuba azinikele kaningi, njengalokhu umpristi omkhulu engena endaweni engcwele iminyaka ngeminyaka, ephethe igazi elingesilo elakhe;

26. uma kwakunjalo wayemelwe ukuhlupheka kaningi selokhu kwasekelwa izwe; kodwa kalokhu ubonakalisiwe kanye ekupheleni kwezikhathi ukuba asuse izono ngokuzinikela kwakhe.

27. Futhi njengalokhu kumiselwe abantu ukuba bafe kanye, emva kwalokhu ukwahlulelwa,

28. kunjalo noKristu, esenikelwe kanye ukuba athwale izono zabaningi, uyakubonakala ngokwesibili ngaphandle kwesono kulabo abamlindeleyo, kube ngukusindiswa.

Kumaheberu 9