Kumaheberu 9:13-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Ngokuba uma igazi lezimbuzi nelezinkunzi nomlotha wesithole kufafaza abangcolileyo, kuhlambulula kube ngukuhlanzeka kwenyama,

14. kakhulu kangakanani igazi likaKristu owazinikela kuNkulunkulu ngoMoya ophakade engenacala lizakuhlanza unembeza wethu emisebenzini efileyo, ukuze sikhonze uNkulunkulu ophilayo.

15. Ngalokho-ke ungumlamuleli wesivumelwano esisha, kuze kuthi ngokufa okungenxa yokukhululwa eziphambekweni zesivumelwano sokuqala ababiziweyo bazuze ifa eliphakade elathenjiswayo.

16. Ngokuba lapho kukhona itestamente*, kufuneka ukuba kubikwe ukufa kowalenzayo;

17. ngokuba itestamente* lisebenza sekufiwe, ngokuba alize lingaba namandla esekhona owalenzayo.

18. Ngalokho-ke isivumelwano sokuqala asimiswanga ngaphandle kwegazi.

19. Ngokuba isikhulunyiwe imiyalelo yonke ngokomthetho nguMose kubantu bonke, wayesethatha igazi lamathole nelezimbuzi kanye namanzi noboya obubomvu nehisopi*, wafafaza incwadi nabantu bonke,

20. ethi: “Lokhu kuyigazi lesivumelwano aniyale ngaso uNkulunkulu.”

21. Netabernakele* futhi, nezitsha zonke zenkonzo wakufafaza kanjalo ngegazi.

22. Yebo, cishe zonke izinto zihlanjululwa ngegazi ngokomthetho; ngaphandle kokuchitha igazi akukho ukuthethelelwa.

23. Njalo-ke kwakudingekile ukuba imifanekiso yokusezulwini ihlanzwe ngalokho, kepha okusezulwini uqobo lwakho kuhlanzwe ngeminikelo emihle kunalena.

Kumaheberu 9