6. kepha kalokhu unikiwe inkonzo enhle kakhulu, njengalokhu engumlamuleli wesivumelwano esihle kakhulu, esimisiwe ngokwezithembiso ezinhle kakhulu.
7. Ngokuba uma leso sivumelwano sokuqala besingasoleki, bekungayikufunwa indawo yesibili.
8. Ngokuba lapho ebasolayo, uthi kubo:“Bhekani, izinsuku ziyeza, isho iNkosi,lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu ka-Israyeli,nendlu kaJuda,
9. kungenjengesivumelwano engasenzayo nawoyisemhla ngibabamba ngesandlaukubakhipha ezweni laseGibithe,ngokuba abahlalanga esivumelwaneni sami,nami angibanakanga, isho iNkosi.
10. Ngokuba yilesi esiyisivumelwano engiyakusenza nendlu ka-Israyeliemva kwalezo zinsuku, isho iNkosi:ngiyakufaka imithetho yami engqondweni yabo,ngiyilobe ezinhliziyweni zabo,ngibe nguNkulunkulu wabo,bona babe ngabantu bami.
11. Abasayikufundisa kube yilowo nalowo owakubo,nalowo umfowabo, ngokuthi:‘Yazi INkosi;’ngokuba bonke bayakungazi,kusukela komncane kuze kufike komkhulu wabo.
12. Ngokuba ngiyakuba nesihawu ngokungalungi kwabo,nezono zabo angisayikuzikhumbula.”
13. Ngokusho lokho ukuthi: “Esisha,” uthe esokuqala sigugile; kepha okugugayo osekukudala kuseduze nokunyamalala.