Kumaheberu 7:6-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. kepha yena ongabalwa ozalweni lwabo uthathile okweshumi ku-Abrahama, wambusisa lowo onezithembiso.

7. Kepha akunakuphikwa ukuthi omncinyane ubusiswa ngomkhulu.

8. Lapha-ke abantu abafayo bamukeliswa okweshumi, kepha lapho ngofakazelwa ukuthi uyaphila.

9. Futhi kungathiwa noLevi owamukela okweshumi watheliswa okweshumi ngaye u-Abrahama,

10. ngokuba wayesesokhalweni lukayise mzukwana uMelkisedeki emhlangabeza.

11. Uma-ke kwakukhona ukuphelela ngobupristi bukaLevi ngokuba isizwe samiselwa bona ngomthetho -- kwakusaswelekelani ukuba kuvele omunye umpristi ngokukaMelkisedeki engabizwa ngokokuma kuka-Aroni na?

12. Ngokuba uma ubupristi buguquliwe, kuyadingeka ukuba kuguqulwe nomthetho.

13. Kepha lowo okushiwo lokho ngaye ungowesinye isizwe okungabanga bikho kuso umuntu owake wakhonza e-altare.

14. Ngokuba kusobala ukuthi iNkosi yethu ivele kuJuda, isizwe uMose angakhulumanga lutho ngaso ngobupristi.

15. Ikakhulu kusobala lokho, uma kumiswa omunye umpristi ofana noMelkisedeki,

Kumaheberu 7