Kumaheberu 7:6-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. kepha yena ongabalwa ozalweni lwabo uthathile okweshumi ku-Abrahama, wambusisa lowo onezithembiso.

7. Kepha akunakuphikwa ukuthi omncinyane ubusiswa ngomkhulu.

8. Lapha-ke abantu abafayo bamukeliswa okweshumi, kepha lapho ngofakazelwa ukuthi uyaphila.

9. Futhi kungathiwa noLevi owamukela okweshumi watheliswa okweshumi ngaye u-Abrahama,

10. ngokuba wayesesokhalweni lukayise mzukwana uMelkisedeki emhlangabeza.

11. Uma-ke kwakukhona ukuphelela ngobupristi bukaLevi ngokuba isizwe samiselwa bona ngomthetho -- kwakusaswelekelani ukuba kuvele omunye umpristi ngokukaMelkisedeki engabizwa ngokokuma kuka-Aroni na?

12. Ngokuba uma ubupristi buguquliwe, kuyadingeka ukuba kuguqulwe nomthetho.

Kumaheberu 7