Kumaheberu 6:12-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. ukuba ningabi buthuntu, kodwa nibalingise labo abadla ifa lesithembiso ngokukholwa nangokubekezela.

13. Ngokuba lapho uNkulunkulu wamthembisa u-Abrahama, wazifunga yena, lokhu kungekho omkhulu kunaye angamfunga,

14. wathi: “Impela ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngiyakukwandisa nokukwandisa,”

15. kanjalo kwathi esebekezele, wakuzuza okwathenjiswayo.

16. Ngokuba abantu bafunga omkhulu kunabo; kubona isifungo siyaqeda ukuphikisana konke, siqinise.

17. Kulokhu-ke uNkulunkulu, ethanda kakhulu impela ukubonisa izindlalifa zesithembiso ukungaguquleki kwecebo lakhe, walamula ngesifungo,

Kumaheberu 6