1. Ngokuba yilowo nalowo mpristi omkhulu okhethwa kubantu umiselwa abantu kokukaNkulunkulu, ukuze anikele izipho nemihlatshelo ngenxa yezono;
2. angabekezelela abangazi lutho nabadukayo, lokhu naye uzungeziwe ngubuthakathaka;
3. ngenxa yabo kufanele ukuba, njengalokhu enikela ngezono zabantu, anikele kanjalo nangezakhe.
4. Akukho muntu ozithathela leso sikhundla, kuphela obizelwa kuso nguNkulunkulu njengo-Aroni.
5. Kanjalo noKristu akazidumisanga yena aze abe ngumpristi omkhulu, kepha wadunyiswa nguye owakhuluma kuye, wathi:“UyiNdodana yami wena,namuhla ngikuzele,”
6. njengokuba esho nakwenye indawo ngokuthi:“Wena ungumpristi kuze kube phakadengokokuma kukaMelkisedeki,”
7. owathi esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko, nokunxusa, nokudazuluka okukhulu, nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.