Kumaheberu 4:6-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Ngakho-ke lokhu kusasele ukuba abanye bangene kukho, nalabo abashunyayezwa kuqala ivangeli bengangenanga ngokungalaleli,

7. uyanquma futhi usuku oluthile oluthiwa Namuhla, esho ngoDavide emva kwesikhathi esingaka njengokushiwo kuqala ukuthi:“Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe,ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu.”

8. Ngokuba uma uJoshuwa wayebaphumuzile, wayengayikukhuluma emva kwalokhu ngolunye usuku.

9. Ngakho-ke kubasalele abantu bakaNkulunkulu ukuphumula kwesabatha.

10. Ngokuba ongenile ekuphumuleni kwakhe yena uphumula emisebenzini yakhe njengoNkulunkulu kweyakhe.

Kumaheberu 4