14. Ngakho-ke lokhu sinomPristi omkhulu kakhulu odabulile amazulu, uJesu iNdodana kaNkulunkulu, masibambelele kuso isivumo sethu.
15. Ngokuba asinaye umPristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kepha olingiwe kukho konke njengathi, engenasono.
16. Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.