1. Ngakho-ke masesabe ukuba, kuthi kusekhona isithembiso sokungena ekuphumuleni kwakhe, kungabikho noyedwa kini obonakala esele emuva.
2. Ngokuba phela nathi sashunyayezwa ivangeli njengabo; kepha izwi abalizwayo alibasizanga bona, lokhu lingahlangananga nabezwayo ngokukholwa.
3. Ngokuba siyangena ekuphumuleni thina esikholwayo njengokusho kwakhe ukuthi:“Kanjalo ngafunga ekuthukutheleni kwami,ngathi: ‘Abayikungena ekuphumuleni kwami,’ ”nakuba imisebenzi yayenziwa kwasekusekelweni kwezwe.
4. Ngokuba ushilo endaweni ethile ngosuku lwesikhombisa ukuthi: “UNkulunkulu waphumula ngosuku lwesikhombisa emisebenzini yakhe yonke,”
5. nakule ndawo uthi futhi: “Abayikungena ekuphumuleni kwami.”
6. Ngakho-ke lokhu kusasele ukuba abanye bangene kukho, nalabo abashunyayezwa kuqala ivangeli bengangenanga ngokungalaleli,
7. uyanquma futhi usuku oluthile oluthiwa Namuhla, esho ngoDavide emva kwesikhathi esingaka njengokushiwo kuqala ukuthi:“Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe,ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu.”
8. Ngokuba uma uJoshuwa wayebaphumuzile, wayengayikukhuluma emva kwalokhu ngolunye usuku.