Kumaheberu 3:9-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. lapho oyihlo bangilinga bengihlola,noma bebona imisebenzi yami iminyaka engamashumi amane;

10. ngalokho nganengwa yileso sizukulwane,ngathi: ‘Bayaduka njalonjalo enhliziyweni yabo,abazazanga izindlela zami,’

11. ngaze ngafunga ekuthukutheleni kwami,ngathi: ‘Abayikungena ekuphumuleni kwami.’ ”

12. Xwayani, bazalwane, ukuba nakoyedwa kini kungabikho nhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo;

13. kepha yalanani imihla ngemihla kusathiwa namuhla, ukuze kungabikho kini owenziwa lukhuni ngokukhohlisa kwesono,

14. ngokuba sesingabahlanganyela kuKristu, uma sibambisisa ithemba lethu lokuqala kuze kube sekupheleni.

15. Uma kuthiwa:“Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe,ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenunjengasekucunuleni,”

16. pho-ke, yibaphi abezwayo bacunula na? Akusibo bonke abaphuma eGibithe ngoMose na?

17. Yibaphi-ke anengwa yibo iminyaka engamashumi amane na? Kwakungesibo abonayo, abazidumbu zabo zawa ehlane na?

18. Yibaphi afunga kubo ngokuthi abayikungena ekuphumuleni kwakhe, uma kungesibo abangalalelanga na?

19. Siyabona-ke ukuthi babengenakungena ngenxa yokungakholwa kwabo.

Kumaheberu 3