Kumaheberu 3:5-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. UMose kambe wayethembekile endlini yakhe yonke njengenceku, kuze kube ngubufakazi balokho obekuzakukhulunywa,

6. kepha uKristu uthembekile njengendodana phezu kwendlu yakhe, esiyindlu yakhe thina, uma sibambisisa isibindi nentokozo yethemba liqine kuze kube sekupheleni.

7. Ngalokho njengokusho kukaMoya oNgcwele ukuthi:“Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe,

8. ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasekucunuleningosuku lokulingwa ehlane,

9. lapho oyihlo bangilinga bengihlola,noma bebona imisebenzi yami iminyaka engamashumi amane;

10. ngalokho nganengwa yileso sizukulwane,ngathi: ‘Bayaduka njalonjalo enhliziyweni yabo,abazazanga izindlela zami,’

11. ngaze ngafunga ekuthukutheleni kwami,ngathi: ‘Abayikungena ekuphumuleni kwami.’ ”

12. Xwayani, bazalwane, ukuba nakoyedwa kini kungabikho nhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo;

13. kepha yalanani imihla ngemihla kusathiwa namuhla, ukuze kungabikho kini owenziwa lukhuni ngokukhohlisa kwesono,

Kumaheberu 3