1. Ngakho-ke, bazalwane abangcwele, enihlanganyela ukubiza kwasezulwini, qaphelani umPhostoli nomPristi omkhulu wesivumo sethu uJesu,
2. owayethembeka kuyena owammisayo, njengoMose naye wayenjalo endlini yakhe yonke.
3. Ngokuba lowo kwathiwa ufanele inkazimulo enkulu kunoMose, njengalokhu oyakhileyo indlu unodumo olukhulu kunendlu.
4. Ngokuba yileyo ndlu yakhiwa ngothile; kepha owakha konke nguNkulunkulu.
5. UMose kambe wayethembekile endlini yakhe yonke njengenceku, kuze kube ngubufakazi balokho obekuzakukhulunywa,
6. kepha uKristu uthembekile njengendodana phezu kwendlu yakhe, esiyindlu yakhe thina, uma sibambisisa isibindi nentokozo yethemba liqine kuze kube sekupheleni.
7. Ngalokho njengokusho kukaMoya oNgcwele ukuthi:“Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe,
8. ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasekucunuleningosuku lokulingwa ehlane,
9. lapho oyihlo bangilinga bengihlola,noma bebona imisebenzi yami iminyaka engamashumi amane;
10. ngalokho nganengwa yileso sizukulwane,ngathi: ‘Bayaduka njalonjalo enhliziyweni yabo,abazazanga izindlela zami,’