2. Ngokuba uma izwi elakhulunywa ngezingelosi laqiniseka, nakho konke ukuphambuka nokungalaleli kwaphindiselwa ngokufaneleyo,
3. thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela ukusindiswa okungaka na? -- okwakhulunywa kuqala ngeNkosi, kwaqiniswa kithina yilabo abamuzwayo,
4. uNkulunkulu futhi efakaza kanye nabo ngezibonakaliso, nangezimangaliso, nangemisebenzi yamandla eyizinhlobo nhlobo, nangokwabelwa kukaMoya oNgcwele ngokwentando yakhe.
5. Ngokuba kwakungesizo izingelosi athobisela phansi kwazo izwe elizayo esikhuluma ngalo.
6. Kepha omunye ufakazile endaweni ethile ngokuthi:“Umuntu uyini ukuba umkhumbule,noma indodana yomuntu ukuba uyinake, na?
7. Isikhashana wamenza waba mncinyane kunezingelosi;wambeka umqhele wenkazimulo nodumo,wammisa phezu kwemisebenzi yezandla zakho,izinto zonke wazibeka phansi kwezinyawo zakhe.”
8. Ngokuba ekubekeni izinto zonke phansi kwakhe kashiyanga lutho olungabekwanga phansi kwakhe. Kepha kalokhu asikaziboni izinto zonke zibekiwe phansi kwakhe;