16. Ngokuba akahlangulisi izingelosi, kodwa uhlangulisa inzalo ka-Abrahama.
17. Ngakho-ke kwamfanela ukuba abe njengabafowabo kukho konke, ukuze abe ngumpristi omkhulu ohawukelayo nothembekayo kokukaNkulunkulu, kube yinhlawulo yezono zabantu.
18. Ngokuba lokhu wahlupheka yena uqobo elingwa, unamandla okusiza abalingwayo.