Kumaheberu 13:10-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Sine-altare thina, abangenalungelo lokudla kulo abakhonza etabernakele*.

11. Ngokuba izidumbu zalezo zilwane ezigazi lazo lingeniswa ngumpristi omkhulu endaweni engcwele ngenxa yezono zishiswa ngaphandle kwekamu*.

12. Ngakho-ke naye uJesu, ukuze angcwelise abantu ngegazi lakhe, wahlupheka ngaphandle kwesango.

13. Masiphumele kuye ngaphandle kwekamu*, sithwale ihlazo lakhe.

Kumaheberu 13