Kumaheberu 11:6-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. kepha-ke ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa; ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.

7. Ngokukholwa uNowa exwayisiwe ngezinto ebezingakabonwa, esaba uNkulunkulu, wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe, okungakho walahla izwe, waba yindlalifa yokulunga okuvela ngokukholwa.

8. Ngokukholwa u-Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe yifa lakhe; waphuma engazi lapho eya khona.

9. Ngokukholwa waba ngumfokazi ezweni lesithembiso kwangathi ngelezizwe, ehlala ematendeni, beno-Isaka noJakobe, beyizindlalifa kanye naye zaleso sithembiso,

10. ngokuba wayebheke umuzi onezisekelo, omakhi nomenzi wawo nguNkulunkulu.

11. Ngokukholwa naye uSara uqobo wathola amandla okukhulelwa esedlulelwe yisikhathi, ngokuba wathi ukholekile owethembisayo.

12. Ngakho-ke kwavela koyedwa, yena enjengosewafa, abangangezinkanyezi zezulu ngobuningi, bengangesihlabathi esisogwini lolwandle esingenakubalwa.

13. Bonke laba bafa bekholiwe, bengazamukeliswanga izithembiso, kepha bezibonile, bezithakazele zikude, bevumile ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni.

14. Ngokuba abasho kanjalo babonakalisa ukuthi bafuna izwe lakubo.

15. Uma kambe bebecabanga ngalelo ababephuma kulo, bebeyakuba nethuba lokubuyela kulo;

Kumaheberu 11