27. Ngokukholwa washiya iGibithe engesabi ulaka lwenkosi; ngokuba wakhuthazela sengathi uyambona ongabonwayo.
28. Ngokukholwa wamisa iPhasika nokufafaza ngegazi, ukuze umbhubhisi angathinti amazibulo abo.
29. Ngokukholwa badabula uLwandle Olubomvu kungathi kusemhlabathini owomileyo, okwathi abaseGibithe bekulinga lokho, baminza.
30. Ngokukholwa izingange zaseJeriko zawa, sezizungeziwe izinsuku eziyisikhombisa.
31. Ngokukholwa, uRahabi isifebe, akabhubhanga kanye nabangalalelanga, esezamukele izinhloli ngokuthula.
32. Ngisezakuthini futhi na? Isikhathi kambe sizakungishiya, uma ngibalisa ngoGideyoni, noBaraki, noSamsoni, noJefta, noDavide, noSamuweli nabaprofethi,
33. abathi ngokukholwa banqoba imibuso, basebenza ukulunga, bazuza izithembiso, bavimba imilomo yezingonyama,
34. bacima amandla omlilo, baphepha osikweni lwenkemba, baphiwa amandla ebuthakathakeni, baba yiziqhwaga empini, baxosha izimpi zabezizwe.
35. Abesifazane bamukeliswa abafileyo babo bevusiwe; abanye bahlushwa, kabavuma ukukhululwa, ukuze bathole ukuvuka okuhle;
36. abanye balingwa ngokujivazwa nokushaywa, yebo, nokuboshwa nokufakwa etilongweni;
37. bakhandwa ngamatshe, banqunywa ngesaha, balingwa, babulawa ngenkemba, bazulazula bembethe izikhumba zezimvu nezezimbuzi, beswela, behlushwa, bephathwa kabi,
38. izwe elingabafanele bona, behamba emahlane, nasezintabeni, nasemihumeni, nasemigedeni yomhlaba.
39. Labo bonke, befakazelwe ngokukholwa, abazuzanga isithembiso,