22. Ngokukholwa uJosefa esezakufa wakhuluma ngokuphuma kwabantwana bakwa-Israyeli, wayaleza ngamathambo akhe.
23. Ngokukholwa uMose esezelwe wafihlwa ngabazali bakhe izinyanga ezintathu, ngokuba bembona engumntwana omuhle; abawesabanga umyalo wenkosi.
24. Ngokukholwa uMose esekhulile wala ukubizwa ngokuthi indodana yendodakazi kaFaro;
25. kunalokho wakhetha ukuphathwa kabi kanye nabantu bakaNkulunkulu kunokuba athokoze isikhashana esonweni,