19. ethi uNkulunkulu unamandla okuvusa nakwabafileyo; ngokulinganisa wabuye wamthola futhi evela khona.
20. Ngokukholwa u-Isaka wabusisa oJakobe no-Esawu ngezinto ebezizakuza.
21. Ngokukholwa uJakobe esezakufa wabusisa leyo naleyo yamadodana kaJosefa, wakhuleka encikile esihlokweni sodondolo lwakhe.
22. Ngokukholwa uJosefa esezakufa wakhuluma ngokuphuma kwabantwana bakwa-Israyeli, wayaleza ngamathambo akhe.
23. Ngokukholwa uMose esezelwe wafihlwa ngabazali bakhe izinyanga ezintathu, ngokuba bembona engumntwana omuhle; abawesabanga umyalo wenkosi.
24. Ngokukholwa uMose esekhulile wala ukubizwa ngokuthi indodana yendodakazi kaFaro;
25. kunalokho wakhetha ukuphathwa kabi kanye nabantu bakaNkulunkulu kunokuba athokoze isikhashana esonweni,
26. ethi ukuthukwa ngenxa kaKristu kuyimfuyo enkulu kunengcebo yaseGibithe, ngokuba wayebheke umvuzo.
27. Ngokukholwa washiya iGibithe engesabi ulaka lwenkosi; ngokuba wakhuthazela sengathi uyambona ongabonwayo.
28. Ngokukholwa wamisa iPhasika nokufafaza ngegazi, ukuze umbhubhisi angathinti amazibulo abo.