Kumaheberu 11:19-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. ethi uNkulunkulu unamandla okuvusa nakwabafileyo; ngokulinganisa wabuye wamthola futhi evela khona.

20. Ngokukholwa u-Isaka wabusisa oJakobe no-Esawu ngezinto ebezizakuza.

21. Ngokukholwa uJakobe esezakufa wabusisa leyo naleyo yamadodana kaJosefa, wakhuleka encikile esihlokweni sodondolo lwakhe.

22. Ngokukholwa uJosefa esezakufa wakhuluma ngokuphuma kwabantwana bakwa-Israyeli, wayaleza ngamathambo akhe.

Kumaheberu 11