Kumaheberu 11:18-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. okwathiwa kuye: “Inzalo yakho iyakubizwa ngo-Isaka,”

19. ethi uNkulunkulu unamandla okuvusa nakwabafileyo; ngokulinganisa wabuye wamthola futhi evela khona.

20. Ngokukholwa u-Isaka wabusisa oJakobe no-Esawu ngezinto ebezizakuza.

21. Ngokukholwa uJakobe esezakufa wabusisa leyo naleyo yamadodana kaJosefa, wakhuleka encikile esihlokweni sodondolo lwakhe.

Kumaheberu 11