6. Iminikelo yokushiswa nemihlatshelongenxa yesono awuyithokozelanga.
7. Ngase ngithi: ‘Bheka, ngiyeza --emqulwini wencwadi kulotshiwe ngami --ukuba ngiyenze, Nkulunkulu,intando yakho.’ ”
8. Eseshilo ngasenhla ukuthi: “Imihlatshelo, neminikelo, neminikelo yokushiswa, nemihlatshelo ngenxa yezono awuyithandanga, awuyithokozelanga,” eyona ilethwa ngokomthetho,
9. ubuye wathi: “Bheka, ngiyeza ukwenza intando yakho.” Ususa okokuqala, ukuze amise okwesibili.
10. Ngaleyo ntando singcwelisiwe ngokunikelwa komzimba kaJesu Kristu kanye kuphela.
11. Abapristi bonke kambe bemi bekhonza imihla ngemihla, benikela kaningi ngayona leyo mihlatshelo engasoze yaba namandla okususa izono;
12. kepha yena, esenikele ngomhlatshelo waba munye ngenxa yezono, wahlala phakade ngakwesokunene sikaNkulunkulu,
13. usalindele izitha zakhe zize zenziwe isenabelo sezinyawo zakhe.
14. Ngokuba ngomnikelo munye uphelelise njalonjalo labo abangcwelisiweyo.
15. Kepha noMoya oNgcwele uyafakaza kithina, ngokuba emva kokusho kwakhe ukuthi:
16. “Yilesi sivumelwano engizakusenza nabo,emva kwalezo zinsuku, isho iNkosi:Ngiyakufaka imithetho yami ezinhliziyweni zabo,ngiyilobe engqondweni yabo,
17. nezono zabo nobubi baboangisoze ngakukhumbula futhi.”
18. Kepha lapho kukhona ukuthethelelwa kwalokho, akusadingeki ukunikela ngenxa yesono.
19. Ngakho-ke, bazalwane, njengokuba sinesibindi sokungena endaweni engcwele ngegazi likaJesu
20. ngendlela asivulela yona, indlela entsha ephilayo, edabula isihenqo, okungukuthi inyama yakhe,
21. sinompristi omkhulu wendlu kaNkulunkulu,