Kumaheberu 10:34-39 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

34. Ngokuba nazwelana nababoshiweyo, navuma ngokuthokoza ukuphangwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ninempahla enhle kunaleyo, nemiyo njalo.

35. Ngakho-ke maningalahli isibindi senu esinomvuzo omkhulu.

36. Ngokuba nidinga ukubekezela, ukuze seniyenzile intando kaNkulunkulu namukele isithembiso.

37. Ngokuba kuse yisikhashana nje, ozayo uyeza, akayikulibala;

38. kepha olungileyo wami uyakuphila ngokukholwa; kepha uma ehlehla nyovane, umphefumulo wami awunakuthokoza ngaye.

39. Kepha thina asisibo abokuhlehlela ekubhujisweni, kodwa singabokukholwa, kuze kube ngukusindiswa komphefumulo.

Kumaheberu 10