1. Ngokuba lokhu umthetho unesithunzi sezinto ezinhle ezizayo, ungesiwo umfanekiso wazo uqobo, ungeze waba namandla ngemihlatshelo enikelwa njalonjalo iminyaka ngeminyaka ukubenza baphelele labo abasondelayo;
2. uma kwakungenjalo, nga ingayekwanga ukunikelwa na? lokhu phela abakhonzayo sebehlanjululwe kanye babengasayikuba novalo ngezono.
3. Kodwa kuleyo mihlatshelo kukhona ukukhunjulwa kwezono iminyaka ngeminyaka;
4. ngokuba akunakwenzeka ukuba igazi lezinkunzi nelezimbuzi lisuse izono.
5. Ngalokho-ke esefika ezweni uthi:“Umhlatshelo nomnikelo awuwuthandanga,kodwa ungilungisele umzimba.
6. Iminikelo yokushiswa nemihlatshelongenxa yesono awuyithokozelanga.
7. Ngase ngithi: ‘Bheka, ngiyeza --emqulwini wencwadi kulotshiwe ngami --ukuba ngiyenze, Nkulunkulu,intando yakho.’ ”
8. Eseshilo ngasenhla ukuthi: “Imihlatshelo, neminikelo, neminikelo yokushiswa, nemihlatshelo ngenxa yezono awuyithandanga, awuyithokozelanga,” eyona ilethwa ngokomthetho,
9. ubuye wathi: “Bheka, ngiyeza ukwenza intando yakho.” Ususa okokuqala, ukuze amise okwesibili.
10. Ngaleyo ntando singcwelisiwe ngokunikelwa komzimba kaJesu Kristu kanye kuphela.
11. Abapristi bonke kambe bemi bekhonza imihla ngemihla, benikela kaningi ngayona leyo mihlatshelo engasoze yaba namandla okususa izono;