Kumaheberu 1:9-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Uthandile ukulunga,wazonda ububi;ngalokho-ke uNkulunkulu,uNkulunkulu wakho,ukugcobile ngamafutha enjabulongaphezu kwabafowenu,”

10. nokuthi:“Wena Nkosi,ekuqaleni wabeka isisekelo somhlaba;amazulu angumsebenzi wezandla zakho.

11. Wona ayakubhubha,kepha wena umi njalo;wona onke ayakuguga njengengubo.

12. Njengesambatho uyakuwagoqonga,njengengubo ayakuguquka.Kepha wena unguye njalo,iminyaka yakho ayiyukuphela.”

13. Kepha yiyiphi yezingelosi ake asho kuyo ukuthi:“Hlala ngakwesokunene sami,ngize ngenze izitha zakhozibe yisenabelo sezinyawo zakho,” na?

14. Azisibo yini zonke omoya bokukhonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yabayakudla ifa lokusindiswa na?

Kumaheberu 1