Kumaheberu 1:5-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Ngokuba yiyiphi yezingelosi ake asho kuyo ukuthi:“UyiNdodana yami wena,namuhla ngikuzele,” na?nokuthi:“Ngiyakuba nguYise kuyona,yona ibe yiNdodana kimina,” na?

6. Futhi mhla engenisa oyizibulo emhlabeni uthi:“Nezingelosi zonke zikaNkulunkulu mazikhuleke kuye.”

7. Ngezingelosi uthi:“Owenza izingelosi zakhe zibe yimimoya,izikhonzi zakhe zibe ngamalangabi omlilo.”

8. Kepha ngeNdodana uthi:“Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu,singesaphakade naphakade;intonga yobuqotho iyintonga yombuso wakho.

9. Uthandile ukulunga,wazonda ububi;ngalokho-ke uNkulunkulu,uNkulunkulu wakho,ukugcobile ngamafutha enjabulongaphezu kwabafowenu,”

10. nokuthi:“Wena Nkosi,ekuqaleni wabeka isisekelo somhlaba;amazulu angumsebenzi wezandla zakho.

11. Wona ayakubhubha,kepha wena umi njalo;wona onke ayakuguga njengengubo.

12. Njengesambatho uyakuwagoqonga,njengengubo ayakuguquka.Kepha wena unguye njalo,iminyaka yakho ayiyukuphela.”

13. Kepha yiyiphi yezingelosi ake asho kuyo ukuthi:“Hlala ngakwesokunene sami,ngize ngenze izitha zakhozibe yisenabelo sezinyawo zakho,” na?

14. Azisibo yini zonke omoya bokukhonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yabayakudla ifa lokusindiswa na?

Kumaheberu 1