Kufilemoni 1:22-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

22. Futhi-ke wongilungisela nami indawo; ngokuba ngiyethemba ukuthi ngemikhuleko yenu ngizakuphiwa nina.

23. Uyakhonza kuwe u-Ephafra oyisiboshwa kanye nami kuKristu Jesu,

24. noMarku, no-Aristarku, noDema, noLuka, izisebenzi kanye nami.

25. Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nomoya wenu.

Kufilemoni 1