Kufilemoni 1:16-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. angabi esaba njengesigqila, kodwa abe ngaphezu kwesigqila, engumzalwane othandekayo, kakhulu kimi kepha kakhulu kangakanani kuwe, nasenyameni naseNkosini.

17. Ngakho uma uthi ngingumhlanganyeli nawe, mamukele ngokungathi yimi.

18. Kodwa uma ekonile ngento, noma enecala kuwe, lokho kubalele kimi;

19. mina Pawulu ngikuloba ngesandla sami, ngiyakukukhokha ukuba ngingaze ngisho kuwe ukuthi nawe unecala kimi elinguwe uqobo.

20. Yebo, mzalwane, mangithokoziswe nguwe eNkosini, uyihlumelele inhliziyo yami kuKristu.

21. Ngikulobele ngokwethemba ukulalela kwakho, ngazi ukuthi uzakwenza nokungaphezu kwengikushoyo.

22. Futhi-ke wongilungisela nami indawo; ngokuba ngiyethemba ukuthi ngemikhuleko yenu ngizakuphiwa nina.

23. Uyakhonza kuwe u-Ephafra oyisiboshwa kanye nami kuKristu Jesu,

24. noMarku, no-Aristarku, noDema, noLuka, izisebenzi kanye nami.

25. Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nomoya wenu.

Kufilemoni 1