10. ngikuncenga ngomntanami engimzeleyo ekuboshweni kwami, u-Onesimu;
11. okade engenalusizo kuwe, kepha kalokhu unosizo nakuwe nakimi,
12. engimbuyisele kuwe, yena oyinhliziyo yami,
13. ebengifuna ukumbamba ahlale kimi, ukuze angikhonze esikhundleni sakho ngisekuboshweni ngenxa yevangeli;
14. kepha ngaphandle kokubona kwakho ngangingathandi ukwenza lutho, ukuze umusa wakho ungabi ngokucindezelwa, kodwa ube ngesihle.