Kufilemoni 1:10-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. ngikuncenga ngomntanami engimzeleyo ekuboshweni kwami, u-Onesimu;

11. okade engenalusizo kuwe, kepha kalokhu unosizo nakuwe nakimi,

12. engimbuyisele kuwe, yena oyinhliziyo yami,

13. ebengifuna ukumbamba ahlale kimi, ukuze angikhonze esikhundleni sakho ngisekuboshweni ngenxa yevangeli;

14. kepha ngaphandle kokubona kwakho ngangingathandi ukwenza lutho, ukuze umusa wakho ungabi ngokucindezelwa, kodwa ube ngesihle.

Kufilemoni 1