Izenzo 9:40-43 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

40. Kepha uPetru wabakhipha bonke, waguqa ngamadolo, wakhuleka, waphendukela esidunjini, wathi: “Thabitha, vuka!” Wayesevula amehlo akhe, wabona uPetru, walulama.

41. Yena wambamba ngesandla, wamsukumisa. Wayesebiza abangcwele nabafelokazi, wambeka phambi kwabo ephilile.

42. Kwezwakala lokho kulo lonke iJopha; abaningi bakholwa yiNkosi.

43. Wayesehlala izinsuku eziningi eJopha kwaSimoni umshuki.

Izenzo 9