Izenzo 9:36-43 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

36. EJopha kwakukhona umfundikazi othile ogama lakhe linguThabitha, okungukuthi uDorka ngokuhunyushwa; yena wayenemisebenzi eminingi emihle nokwabela abampofu izipho.

37. Kwathi ngalezo zinsuku wagula, wafa; sebemgezile bambeka ekamelweni eliphezulu.

38. Kepha iLida laliseduze neJopha; ngakho-ke abafundi sebezwile ukuthi uPetru ukhona lapho, bathuma kuye amadoda amabili emncenga ethi: “Ungalibali ukuza kithi.”

39. Wayesesuka uPetru, wahamba nabo. Esefikile, bamyisa ekamelweni eliphezulu; abafelokazi bonke beza kuye bekhala, bembonisa izambatho nezingubo abezenzile uDorka esenabo.

40. Kepha uPetru wabakhipha bonke, waguqa ngamadolo, wakhuleka, waphendukela esidunjini, wathi: “Thabitha, vuka!” Wayesevula amehlo akhe, wabona uPetru, walulama.

41. Yena wambamba ngesandla, wamsukumisa. Wayesebiza abangcwele nabafelokazi, wambeka phambi kwabo ephilile.

42. Kwezwakala lokho kulo lonke iJopha; abaningi bakholwa yiNkosi.

43. Wayesehlala izinsuku eziningi eJopha kwaSimoni umshuki.

Izenzo 9