Izenzo 9:32-35 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

32. Kwathi uPetru ehambela izindawo zonke, wehlela nakwabangcwele abakhe eLida.

33. Wafumana khona umuntu othile ogama lakhe lingu-Eneya, owayeselele ecansini iminyaka eyisishiyagalombili efe uhlangothi.

34. Khona uPetru wathi kuye: “Eneya, uJesu Kristu uyakuphilisa; vuka, wendlule icansi lakho.” Wayesevuka masinyane.

35. Bambona bonke abakhe eLida naseSarona, baphendukela eNkosini.

Izenzo 9