Izenzo 9:12-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. ubonile indoda, igama layo lingu-Ananiya, ingena, ibeka izandla phezu kwakhe ukuba abone.”

13. Kepha u-Ananiya waphendula wathi: “Nkosi, ngizwile ngabaningi ngaleyo ndoda konke okubi ekwenzile kwabangcwele bakho eJerusalema;

14. nalapha unamandla avela kubapristi abakhulu okubopha bonke abakhuleka egameni lakho.”

15. INkosi yayisithi kuye: “Hamba, ngokuba lo uyisitsha sami esikhethiweyo sokuphatha igama lami phambi kwabezizwe, namakhosi, nabantwana bakwa-Israyeli,

16. ngokuba mina ngizakumbonisa konke amelwe ukuhlushwa ngakho ngenxa yegama lami.”

17. Khona wahamba u-Ananiya, wangena endlini, wabeka izandla phezu kwakhe, wathi: “Sawulu umzalwane, iNkosi uJesu eyabonakala kuwe endleleni oze ngayo, ingithumile ukuba ubuye ubone, ugcwaliswe ngoMoya oNgcwele.”

18. Kwawa masinyane emehlweni akhe kwangathi inkwethu, wabona, wasukuma, wabhapathizwa;

19. esedlile wathola amandla.Wahlala nabafundi baseDamaseku izinsuku ezithile.

Izenzo 9