3. Kepha uSawulu walichitha ibandla, engena ezindlini ngezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane, wabafaka etilongweni.
4. Abahlakazekileyo base behamba, beshumayela izwi levangeli.
5. UFiliphu wehlela emzini waseSamariya, wabashumayeza uKristu.
6. Izixuku zalalela nganhliziyonye okwakhulunywa nguFiliphu, zizwa, zibona izibonakaliso azenzayo.
7. Ngokuba kwaphuma omoya abangcolileyo kwabaningi abakhwelwa yibo, bememeza ngezwi elikhulu; nabaningi abafe uhlangothi nabayizinyonga baphulukiswa;
8. kwaba khona ukuthokoza okukhulu kulowo muzi.