24. USimoni wayesephendula ethi: “Nginxuseleni nina eNkosini, ukuze kungehleli lutho kimi lwalokho enikushiloyo.”
25. Kuthe sebefakazile, belikhulumile izwi leNkosi, babuyela eJerusalema, bashumayela ivangeli emizaneni eminingi yabaseSamariya.
26. Kepha ingelosi yeNkosi yakhuluma kuFiliphu, yathi: “Suka uye ngaseningizimu endleleni ephuma eJerusalema ehlela eGaza; yona iyihlane.”
27. Wayesesuka wahamba. Bheka, nansi indoda yase-Etiyopiya, umthenwa, isikhulu sikaKhandakhe inkosikazi yase-Etiyopiya, ebiphezu kwengcebo yayo yonke, ebifikile eJerusalema izakukhuleka;
28. ibisibuya, ihlezi enqoleni yayo, ifunda umprofethi u-Isaya.
29. UMoya wathi kuFiliphu: “Sondela, unamathele kuleyo nqola.”
30. UFiliphu wayesegijimela kuyo, wayizwa ifunda umprofethi u-Isaya, wathi: “Uyakuqonda kambe lokhu okufundayo na?”
31. Yona yathi: “Ngingakwazi kanjani, uma kungekho ongiholayo na?” Yamnxusa uFiliphu ukuba akhwele ahlale nayo.
32. Kepha isahlukwana sombhalo ebisifunda yilesi esithi:“Wayiswa ekuhlatshweni njengemvu;njengewundlu elithule phambi komgundi walokanjalo kawuvulanga umlomo wakhe.
33. Ekuthobeleni kwakheukwahlulelwa kwakhe kwasuswa.Ngubani ongalanda ngesizukulwane sakhe na?Ngokuba ukuphila kwakhe kuyasuswa emhlabeni.”
34. Kepha umthenwa wathatha wathi kuFiliphu: “Ngiyacela, umprofethi ukhuluma lokho ngobani na? Uzisho yena noma omunye na?”
35. UFiliphu wavula umlomo wakhe, eqala kulowo mbhalo washumayela ivangeli ngoJesu.