2. Amadoda akholwayo ammbela uStefanu, amkhalela isililo esikhulu.
3. Kepha uSawulu walichitha ibandla, engena ezindlini ngezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane, wabafaka etilongweni.
4. Abahlakazekileyo base behamba, beshumayela izwi levangeli.
5. UFiliphu wehlela emzini waseSamariya, wabashumayeza uKristu.
6. Izixuku zalalela nganhliziyonye okwakhulunywa nguFiliphu, zizwa, zibona izibonakaliso azenzayo.
7. Ngokuba kwaphuma omoya abangcolileyo kwabaningi abakhwelwa yibo, bememeza ngezwi elikhulu; nabaningi abafe uhlangothi nabayizinyonga baphulukiswa;
8. kwaba khona ukuthokoza okukhulu kulowo muzi.
9. Kepha kwakukhona indoda ethile, nguSimoni igama layo, eyayikade yenza imilingo kulowo muzi, isimangalisa isizwe saseSamariya, izishaya umuntu omkhulu;