11. babenamathela kuye, ngokuba ebamangalisile isikhathi eside ngemilingo yakhe.
12. Kepha bathi ukuba bakholwe nguFiliphu eshumayela ivangeli ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu Kristu, babhapathizwa abesilisa nabesifazane.
13. Naye uSimoni wakholwa; wathi esebhapathiziwe, wanamathela kuFiliphu, wamangala ebona izibonakaliso nemisebenzi emikhulu yamandla eyenziwayo.