Izenzo 8:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kepha uSawulu wayevumelene nabo ngokubulawa kwakhe.Ngalolo suku kwavela ukuzingelwa okukhulu kwebandla laseJerusalema; bahlakazeka bonke emazweni aseJudiya naseSamariya; kwasala abaphostoli bodwa.

2. Amadoda akholwayo ammbela uStefanu, amkhalela isililo esikhulu.

3. Kepha uSawulu walichitha ibandla, engena ezindlini ngezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane, wabafaka etilongweni.

Izenzo 8