57. Base bekhamuluka ngezwi elikhulu, bavala izindlebe, batheleka kuye kanyekanye,
58. bamkhiphela ngaphandle komuzi, bamkhanda ngamatshe. Ofakazi babeka izingubo zabo ngasezinyaweni zensizwa egama layo linguSawulu.
59. UStefanu bamkhanda ngamatshe ekhuleka ethi: “Nkosi Jesu, yamukela umoya wami.”
60. Wayeseguqa phansi, wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Nkosi, ungababaleli lesi sono.” Eseshilo lokho walala ubuthongo.