Izenzo 7:46-59 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

46. owathola umusa ebusweni bukaNkulunkulu, wacela ukufunela uNkulunkulu kaJakobe idokodo.

47. Kepha nguSolomoni owamakhela indlu.

48. “Kodwa oPhezukonke akahlali ezindlini ezenziwe ngezandla njengokusho komprofethi ukuthi:

49. “ ‘Izulu liyisihlalo sami sobukhosi,nomhlaba uyisenabelo sezinyawo zami;ngenjani indlu eniyakungakhela yona,’ isho iNkosi,‘noma yiyiphi indawo yamiyokuphumula na?

50. Isandla sami asikwenzangakonke lokho na?’

51. “Nina bantamo zilukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele; njengoyihlo ninjalo nani.

52. Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na? Bababulala ababememezela ngaphambili ukuza koLungileyo, eseningabakhapheli nababulali bakhe,

53. nina enamukela umthetho ngokuyala kwezingelosi, kepha aniwugcinanga.”

54. Kwathi bekuzwa lokho, bahlabeka ezinhliziyweni, bamgugudela amazinyo.

55. Kepha yena egcwele uMoya oNgcwele wagqolozela ezulwini, wabona inkazimulo kaNkulunkulu, noJesu emi ngakwesokunene sikaNkulunkulu,

56. wathi: “Bheka, ngibona izulu livuliwe, neNdodana yomuntu imi ngakwesokunene sikaNkulunkulu.”

57. Base bekhamuluka ngezwi elikhulu, bavala izindlebe, batheleka kuye kanyekanye,

58. bamkhiphela ngaphandle komuzi, bamkhanda ngamatshe. Ofakazi babeka izingubo zabo ngasezinyaweni zensizwa egama layo linguSawulu.

59. UStefanu bamkhanda ngamatshe ekhuleka ethi: “Nkosi Jesu, yamukela umoya wami.”

Izenzo 7