Izenzo 7:11-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. “Kepha kwafika indlala kulo lonke iGibithe nakwaKhanani, nokuhlupheka okukhulu; obaba kabafumana ukudla.

12. UJakobe esezwile ukuthi kukhona ukudla eGibithe, wathuma obaba ngokokuqala;

13. kwathi ngokwesibili uJosefa waziwa ngabafowabo; kwabonakala kuFaro isizwe sakubo kaJosefa.

14. UJosefa wayesethumela wabiza uJakobe uyise nabakubo bonke, abantu abangamashumi ayisikhombisa nanhlanu.

15. UJakobe wehlela eGibithe; wafa yena nawobaba.

16. Bayiswa eSikemi, babekwa ethuneni alithenga u-Abrahama ngenani lesiliva kumadodana kaHamori eSikemi.

17. “Kepha sesisondele isikhathi sesithembiso uNkulunkulu asisho ku-Abrahama, banda abantu, baba baningi eGibithe,

18. kwaze kwavela enye inkosi eGibithe ebingamazi uJosefa.

19. Yona yasiphatha ngobuqili isizwe sakithi, yabahlupha obaba ngokubalahlisa izingane zabo zingaphili.

Izenzo 7