Izenzo 5:6-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Izinsizwa zasuka, zamsongelezela, zamkhiphela phandle, zammbela.

7. Kwathi emva kwesikhathi esingaba ngamahora amathathu kwangena nomkakhe, engakwazi okwenzakeleyo.

8. UPetru wayesethatha ethi: “Ngitshele ukuba izwe nilithengise ngokungaka na?”Wathi: “Yebo, ngokungaka.”

9. Kepha uPetru wathi kuye: “Kungani ukuba nivumelene ngokulinga uMoya weNkosi na? Bheka, izinyawo zabambele indoda yakho zisemnyango, nawe bazakukukhiphela phandle.”

10. Wayesewa phansi masinyane ngasezinyaweni zakhe, wafa; izinsizwa zangena, zamfumana efile, zamkhiphela phandle, zammbela ngasendodeni yakhe.

11. Ukwesaba okukhulu kwalehlela ibandla lonke nabo bonke abezwa lokho.

12. Kwenziwa izimangaliso nezibonakaliso eziningi ebantwini ngezandla zabaphostoli; bonke babe nhliziyonye besemphemeni kaSolomoni.

13. Kepha kwabanye akwabakho owayenesibindi sokuzihlanganisa nabo, kepha abantu babebazisa kakhulu;

14. benezelwa kakhulu abakholwa yiNkosi, abaningi nabesilisa nabesifazane,

15. ngangokuba bakhiphela phandle emigwaqweni abagulayo, bababeka emacansini nasezinhlakeni, kuze kuthi lapho eza uPetru, isithunzi nje sakhe sisithibeze abanye kubo.

16. Kwabuthana nesixuku esivela emizini ezungeze iJerusalema, beletha abagulayo nabakhathazwa ngawomoya abangcolileyo; baphulukiswa bonke.

17. Kwase kusuka umpristi omkhulu nabo bonke ababe naye abangabehlelo labaSadusi, bagcwala umhawu,

18. babamba abaphostoli, babafaka etilongweni lombuso.

19. Kepha ingelosi yeNkosi yavula iminyango yetilongo ebusuku, yabakhipha, yathi:

20. “Hambani, nime nikhulume ethempelini kubantu amazwi onke alokhu kuPhila.”

21. Kwathi sebezwile, bangena ethempelini ekuthatheni kokusa, bafundisa. Kepha kwafika umpristi omkhulu nababe naye, babizela ndawonye umphakathi nezigele zonke zabantwana bakwa-Israyeli, bathumela endlini yeziboshwa ukuba balethwe.

22. Kepha izikhonzi ezafika khona azibafumananga etilongweni; zase zibuyela emuva, zabika

Izenzo 5