Izenzo 5:3-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Wayesethi uPetru: “Ananiya, kungani ukuba uSathane agcwalise inhliziyo yakho, uqambe amanga kuMoya oNgcwele, ugodle inxenye yemali yezwe, na?

4. Lisekhona belingesilo elakho na? Selithengisiwe belingekho emandleni akho na? Uyibekeleni leyo nto enhliziyweni yakho na? Awuqambanga amanga kubantu kepha kuNkulunkulu.”

5. Kuthe u-Ananiya ezwa lawo mazwi, wawa phansi, wafa, ukwesaba okukhulu kwehlela bonke abezwa lokho.

6. Izinsizwa zasuka, zamsongelezela, zamkhiphela phandle, zammbela.

7. Kwathi emva kwesikhathi esingaba ngamahora amathathu kwangena nomkakhe, engakwazi okwenzakeleyo.

8. UPetru wayesethatha ethi: “Ngitshele ukuba izwe nilithengise ngokungaka na?”Wathi: “Yebo, ngokungaka.”

Izenzo 5