17. Kwase kusuka umpristi omkhulu nabo bonke ababe naye abangabehlelo labaSadusi, bagcwala umhawu,
18. babamba abaphostoli, babafaka etilongweni lombuso.
19. Kepha ingelosi yeNkosi yavula iminyango yetilongo ebusuku, yabakhipha, yathi:
20. “Hambani, nime nikhulume ethempelini kubantu amazwi onke alokhu kuPhila.”
21. Kwathi sebezwile, bangena ethempelini ekuthatheni kokusa, bafundisa. Kepha kwafika umpristi omkhulu nababe naye, babizela ndawonye umphakathi nezigele zonke zabantwana bakwa-Israyeli, bathumela endlini yeziboshwa ukuba balethwe.