Izenzo 4:3-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. bababamba, babafaka etilongweni kwaze kwaba kusasa, ngokuba kwase kuhlwile.

4. Kepha abaningi kwabezwayo izwi bakholwa; umumo wamadoda waba kungathi izinkulungwane eziyisihlanu.

5. Kwathi ngangomuso kwabuthana eJerusalema ababusi namalunga nababhali babo,

6. no-Anase umpristi omkhulu, noKayafase, noJohane, no-Aleksandru, nabo bonke abendlu yompristi omkhulu,

7. babamisa phakathi kwabo, bababuza bathi: “Lokho nikwenze ngamaphi amandla nangaliphi igama na?”

8. Khona uPetru egcwele uMoya oNgcwele wathi kubo: “Nina babusi bezizwe namalunga,

9. nxa sibuzwa namuhla ngomsebenzi omuhle kumuntu ogulayo ukuthi yena usindiswe ngani,

10. makwazeke kini nonke nasesizweni sonke sakwa-Israyeli ukuthi ngegama likaJesu Kristu waseNazaretha enambethela esiphambanweni, amvusayo uNkulunkulu kwabafileyo, ngaye umi lo muntu phambi kwenu esindile.

11. Yena uyitshe eladelelwa yinina bakhi, eselaba yinhloko yegumbi.

Izenzo 4