17. Kodwa ukuze kungabe kusanda phakathi kwabantu, asibalaye, bangabe besakhuluma kumuntu namunye ngalelo gama.”
18. Base bebabiza, babayala ngokuthi bangakhulumi, bangafundisi nakanye ngegama likaJesu.
19. Kepha oPetru noJohane baphendula, bathi kubo: “Nqumani nina ukuba kulungile yini ebusweni bukaNkulunkulu ukulalela nina kunoNkulunkulu,
20. ngokuba thina asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo.”
21. Khona sebebalayile futhi babayeka, bengafumananga ukuthi bangabajezisa kanjani ngenxa yabantu, ngokuba bonke bedumisa uNkulunkulu ngalokho okwenzekileyo;
22. ngokuba umuntu esenziwe kuye leso sibonakaliso sokuphulukiswa wayeneminyaka eve emashumini amane.
23. Sebeyekiwe baya kwabakubo, babika konke abapristi abakhulu namalunga abekushilo kubo.
24. Bona sebezwile baphakamisa izwi kuNkulunkulu nganhliziyonye, bathi: “Somandla, wena owenza izulu, nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho,
25. owasho ngoMoya oNgcwele ngomlomo kababa uDavide inceku yakho ukuthi:“ ‘Kungani ukuba abezizwe baxokozele,nabantu bacebe okuyize, na?
26. Amakhosi omhlaba aqhelile,nababusi bayihlanganyeleiNkosi noGcotshiweyo wayo.’
27. “Ngokuba ngempela oHerode, noPontiyu Pilatu, kanye nabezizwe, nabantu bakwa-Israyeli bayihlanganyela kulo muzi iNceku yakho engcwele uJesu owamgcobayo
28. ukuzakukwenza lokho okumiswe ngaphambili yisandla necebo lakho ukuba kwenzeke.
29. Manje-ke, Nkosi, bheka ukusongela kwabo, unike izinceku zakho ukuba zikhulume izwi lakho ngaso sonke isibindi
30. ngokwelula isandla sakho ukuphulukisa, kwenziwe izibonakaliso nezimangaliso ngegama leNceku yakho engcwele uJesu.”