1. Kepha besakhuluma kubantu, abapristi nenduna yethempeli nabaSadusi babafikela,
2. benengwa ngukufundisa kwabo abantu nokumemezela ngoJesu ukuvuka kwabafileyo,
3. bababamba, babafaka etilongweni kwaze kwaba kusasa, ngokuba kwase kuhlwile.
4. Kepha abaningi kwabezwayo izwi bakholwa; umumo wamadoda waba kungathi izinkulungwane eziyisihlanu.
5. Kwathi ngangomuso kwabuthana eJerusalema ababusi namalunga nababhali babo,
6. no-Anase umpristi omkhulu, noKayafase, noJohane, no-Aleksandru, nabo bonke abendlu yompristi omkhulu,
7. babamisa phakathi kwabo, bababuza bathi: “Lokho nikwenze ngamaphi amandla nangaliphi igama na?”
8. Khona uPetru egcwele uMoya oNgcwele wathi kubo: “Nina babusi bezizwe namalunga,