1. UPetru noJohane bakhuphukela ethempelini ngehora lokukhuleka, elesishiyagalolunye.
2. Kwase kulethwa indoda ethile eyisishosha kwasesiswini sikanina, ababeyibeka imihla ngemihla ngasemnyango wethempeli othiwa Omuhle ukuba icele ukwabelwa izipho kwabangenayo ethempelini.
3. Kwathi ukuba abone oPetru noJohane bezakungena ethempelini, wacela ukwabelwa isipho.
4. Kepha uPetru wamgqolozela kanye noJohane, wathi: “Sibheke!”
5. Wayesebabheka ethemba ukuba amukele utho kubo.
6. Kodwa uPetru wathi: “Isiliva negolide anginalo; kepha lokho enginakho ngikupha khona: egameni likaJesu Kristu waseNazaretha, hamba.”
7. Wayesembamba ngesandla sokunene, wamsukumisa; kwaqina masinyane izinyawo zakhe namaqakala,
8. egxuma, wema, wahamba, wangena nabo ethempelini, ehamba, egxuma, emdumisa uNkulunkulu.
9. Abantu bonke bambona ehamba, edumisa uNkulunkulu.
10. Kepha base bemazi ukuba nguyena owayehlalela ukuphiwa ngaseMnyango Omuhle wethempeli, behlelwa ngukwesaba nokumangala ngokwenzakele kuye.
11. Esabambelele koPetru noJohane, bonke abantu bagijimela kubo emphemeni othiwa okaSolomoni, besaba kakhulu.
12. Khona uPetru ebona lokho wathatha wathi kubantu: “Madoda akwa-Israyeli, nimangalelani ngalona, nisigqolozelelani ngokungathi simenze ukuba ahambe ngawethu amandla nangokwethu ukukholwa na?